JESUS Film Zulu- Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani nonke. Amen.(Revelation 22:21)

JESUS Film Zulu- Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani nonke. Amen.(Revelation 22:21)

TheNo1Jesus

1 десятилетие назад

407,738 Просмотров

The Film based on Luke's Gospel: JESUS Virgin Birth, Death, Resurrection, and Ascension. FEAR NOT! CALL JESUS! (Romans 10:13) ngokuba "bonke abayakukhuleka egameni leNkosi bayakusindiswa." Amen! According to this Scripture: you Call you are Save! Amen! Amen!

Now Bible is your GPS - Read it; Do it; Live into it..(Matthew 24:13) Kodwa okhuthazelayo kuze kube sekupheleni nguyena oyakusindiswa.

(Habakkuk 2:14) Ngokuba umhlaba uyakugcwala ukwazi inkazimulo kaJehova, njengamanzi asibekela ulwandle.

John 10

1 "Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Ongangeni ngesango esibayeni sezimvu, kodwa ekhwela ngenye indawo, lowo uyisela nomphangi.
2 Kepha ongena ngesango ungumalusi wezimvu.
3 Umlindisango uyamvulela lowo; nezimvu ziyalizwa izwi lakhe; ubiza ezakhe izimvu ngamagama, aziholele phandle.
4 Nxa esezikhiphile ezakhe zonke, uhamba phambi kwazo, izimvu zimlandele, ngokuba zilazi izwi lakhe.
5 Kepha umfokazi azisoze zamlandela, kodwa ziyakumbalekela, ngokuba zingalazi izwi labafokazi."
6 UJesu washo lo mfanekiso kubo; kepha bona abezwisisanga ukuba kuyini lokho akukhuluma kubo.
7 Ngakho-ke uJesu wabuye wathi kubo: "Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Mina ngiyisango lezimvu.
8 Bonke abafike ngaphambi kwami bangamasela nabaphangi, kepha izimvu azibezwanga.
9 Mina ngiyisango; uma umuntu engena ngami, uyakusindiswa, angene, aphume, afumane idlelo.
10 Isela kalizi kungengokweba nokubulala nokubhubhisa; mina ngize ukuba babe nokuphila, babe nakho kuchichime.
11 "Ngingumalusi omuhle. Umalusi omuhle udela ukuphila kwakhe ngenxa yezimvu.
12 Okhokhelwayo engesiye umalusi, izimvu zingesizo ezakhe, ebona impisi iza, ushiya izimvu, abaleke — impisi izibhozomele, izihlakaze —
13 ngokuba engokhokhelwayo, engazinakekeli izimvu.
14 "Mina ngingumalusi omuhle; ngiyazazi ezami, nezami ziyangazi,
15 njengalokhu uBaba uyangazi, nami ngiyamazi uBaba; ngidela ukuphila kwami ngenxa yezimvu.
16 Nezinye izimvu nginazo ezingesizo ezalesi sibaya; nalezo ngimelwe ukuziletha; ziyakuzwa izwi lami, kube mhlambi munye nomalusi munye.
17 Ngalokho uBaba uyangithanda, ngokuba ngidela ukuphila kwami ukuba ngibuye ngikuthabathe.
18 Akakho ongangamuka ukuphila kwami, kodwa ngikudela ngokwami; nginamandla okukudela, nginamandla okubuye ngikuthabathe. Lo myalo ngiwamukele kuBaba."
19 Kwaba khona futhi ukwahlukana phakathi kwabaJuda ngalawo mazwi.
20 Abaningi kubo bathi: "Unedemoni, uyahlanya; nimlalelelani na?"
21 Abanye bathi: "Lawo mazwi akusiwo awomuntu onedemoni; imbala idemoni lingavula amehlo ezimpumputhe na?"
22 Khona kwakungumkhosi wokuhlanjululwa kwethempeli eJerusalema, kusebusika.
23 UJesu wayehamba ethempelini emphemeni kaSolomoni.
24 Base bemhaqa abaJuda bethi kuye: "Koze kube nini ulibazisa izinhliziyo zethu na? Uma wena unguKristu, sitshele ngokuchachileyo."
25 UJesu wabaphendula wathi: "Nganitshela, kodwa anikholwanga; imisebenzi engiyenzayo egameni likaBaba yiyona efakaza ngami.
26 Kodwa nina anikholwa, ngokuba anisibo abezimvu zami.
27 Izimvu zami ziyalizwa izwi lami; nami ngiyazazi, ziyangilandela;
28 ngizinika ukuphila okuphakade, azisoze zabhubha naphakade; akakho ongazihlwitha esandleni sami.
29 UBaba onginikileyo mkhulu kunabo bonke; akakho ongazihlwitha esandleni sikaBaba.
30 Mina noBaba simunye."

Тэги:

#JESUS_Film_Zulu
Ссылки и html тэги не поддерживаются


Комментарии: